Singasivikela isicoco - RDS

2013-02-05 12:01

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger de Sa uthi uphoxekile ukuthi iqembu lihlulekile ukusayinisa uRainford Kalaba, nokho uthi akakhathazekile kangako ngoba namanje usanabadlali abahamba phambili.

U-RDS usho kanjena nje iqembu lisanda kulahlekelwa nguBongani Ndulula, ojoyine AmaZulu.

Umqeqeshi uvulele abeKickOff.com isifuba sakhe, echaza ngokwehluleka kweqembu ukuthola lo mgadli waseZambia kanjalo nangokuhamba kukaNdululla.

"Akekho umqeqeshi ongeke aphoxeke uma ephuthwa ngumgadli ofana noKalaba, lokhu kuyenzeka nokho ebholeni. Maningi amaqembu akade emfuna."

"Namanje nginabadlali abasezingeni, angikhathazekile. Singakwazi ukuvikela isicoco sethu siphinde sidlale kahle kweye-CAF Champions League. Ngithokozile ngabadlali bami."

"Siphethe uBenni McCarthy, Collins Mbesuma, Thulasizwe Mbuyane noTakesure Chinyama, ukubala nje idlanzana."



 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 17-32°C High level clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-27°C Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-24°C Morning clouds. Mild. PE: 16-21°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...