Sikhuluma eyokunqoba kuphela - Benni
2012-07-25 16:45
Johannesburg - Umgadli weOrlando Pirates uBenni McCarthy uthi iBhakabhaka nakanjani izoyithatha indebe yeCarling Black Label, ezobe iyilwela ngoMgqibelo enkundleni yezemidlali iFNB, eGoli, kubika iKickOff.
Ezimnyama ngenkani zizohlangana nezimbangi iKaizer Chiefs, lakhona kulindeleke ukuthi abadlali abasanda kusayiniswa yiwo womabili amaqembu, bazibonakalise.
UMcCarthy uthe iqembu liwulinde ngabomvu umdlalo.
"Kuzokuba ngumdlalo omnandi ngoba neChiefs isiwanyusile amasokisi. Indlela engibone bedlala ngayo emiqhudelwaneni weGauteng Sports Challenge, ikhombise ukuthi basefomini, kodwa angeke sizikhathaze ngabo," kusho uMcCarthy.
"Njalo uma udlala neChiefs, ngisho emdlalweni wesihle, lowo mdlalo uhlale ufana nomdlalo wendebe. Sizimisele ngokunqoba yonke imidlalo."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24