Sidliselwa nguShabba - Tovey

2013-01-23 12:03
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Lowo owayengukaputeni weBafana Bafana uNeil Tovey usenxuse umqeqeshi weqembu uGordon Igesund ukuthi amshiye ngaphandle uSiphiwe Tshabalala kwabazobhekana ne-Angola, kubika iKickOff.com.

Lo mdlali weKaizer Chiefs, oseqanjwe elika‘June 2010’ yilabo abamgxekayo, usehluleke kaningi ukumela iqembu nokufaka amagoli, kodwa ulokhu eqhubeke njalo nokuba sesikwatini esiqala umdlalo.

Kodwa uTovey, nowaphakamisa isicoco se-Africa Cup of Nations ngo-1996, ukholelwa ekutheni sekuyisikhathi sokuthi uTshabalala ayofudumeza ibhentshi.

“Kumele kube nesinqumo esithathwayo ngoShabba,” kulandisa uTovey exoxa neSuperSport.com.

“Ngicabanga ukuthi usesijabhise kwanele manje, hhayi ngoba engeyena umdlali onohlonze. Ngicabanga nje ukuthi ukuthola kunzima ukudlala okwamanje, kungenzeka ukuthi udinga ukubuka umdlalo engaphandle khona ezobona amaphutha adinga ukulungiswa.

“Akangalahlelwa ezinsisheni, kodwa kumele aboniswe ukuthi akasadlali njengoba wayedlala ekuqaleni."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 12-21°C Showers early. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-21°C Broken clouds. Mild.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...