Sidinga ukuhamba ngegiya elilodwa - De Sa

2012-11-09 12:02

Johannesburg - I-Orlando Pirates kumele ibe nozinzo ithole indlela ezodlala ngayo, ngokusho komqeqeshi uRoger de Sa, uma ifuna ukuvikela isicoco sayo sePremiership.

Iqembu likaDe Sa lizimisele ngokuzibonakalisa uma selihlangana neFree State Stars e-Orlando Stadium ngoMgqibelo ebusuku ngemuva kokubhaxabula iMamelodi Sundowns ngoLwesithathu.

"Asihambi ngegiya elilodwa, kanti lokho kuyinkinga enkulu," kusho uDe Sa, nowathatha izintambo zokuqeqesha amaBhakabhaka ngoSepthemba ku-Augusto Palacios.

"Sidlala ngendlela engafani ngakho ngithemba ukuthi uma sesihlangana neFree State Stars sizokwenza okuhlukile.

"Asithembe ukuthi ukuzethemba kwethu kuzobe kungakashabalali."

UDe Sa uvumile ukuthi iPirates kuzomele isebenze ngokukhulu ukuzikhandla ngempelasonto.

IPirates isendaweni yesibili ohlwini lweligi ngamaphuzu angu-17.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

UBaxter udidekile ngonozinti koweMTN8

Emizuzwini eyi-10 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-15°C Numerous showers. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-32°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 7-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-35°C Showers late. Afternoon clouds. Hot. PE: 14-21°C Partly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...