Sidinga abagadli abanohlonze - Prujin

2012-11-21 12:02

Johannesburg - I-Ajax Cape Town ishoda kakhulu ngabagadli asebezakhele igama kulo mdlalo kusho umqeqeshi wesikhashana uJan Pruijn ngemuva kokudlala ngokulingana emdlalweni ongabanga namagoli wePremiership neBidvest Wits eGoli ngoLwesibili ebusuku.

Njengoba leli qembu lakhe laqeda lo mjaho weligi lilele isibili eminyakeni emibili eyedlule, laba sendaweni yesishiyagalolunye ngesizini eyedlule, i-Ajax ibukeka ithwele kanzima njengoba ilengela eweni lokudliwa yimbazo.

UPruijn, ugcizelele ngokuthi isikwati esikhona manje ngeke saqhathaniswa naleso sangesikhathi esedlule lapho kwakukhona abadlali abafana noThulani Serero noTerror Fanteni.

"Ngeke uqhathanise iqembu esinalo manje nelaseminyakeni emibili eyedlule,” esho.

"Salahlekelwa abadlali abaningi abanohlonze ngakho siyaxhuga.”




 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C High level clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 11-23°C Partly cloudy. Mild. PE: 16-21°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...