Sicela ukubekezela kubalandeli - Daniels

2012-11-09 10:01

Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns uClayton Daniels usecele labo adlala nabo ukuthi babhukule njengamasosha ukuze basuke emsileni wohlu lwamaqembu eligi.

AmaBrazilians asemsileni kulandela ukuguqiswa yi-Orlando Pirates ngo 3-1 ngoLwesithathu ebusuku, kanti nengcindezi iyakhula kumqeqeshi uJohan Neeskens nabadlali bakhe ukuthi baphendule amatafula.

IDowns izobhekana ne-University of Pretoria ngempelasonto, kanti uDaniels uthi lesi yisikhathi sokuthi abadlali bayazi into abayiqashelwa.

“Kuningi esikulungisayo njengeqembu," esho etshela iKickOff.com.

“Asililahlile ithemba, vele asizange sivele sibe yiqembu elingenzi kahle ngokuphazima kweso. Ukuthi nje asikho efomini ekahle kanti lokho kuyenzeka kuwona wonke amaqembu emhlabeni."

UDaniels unezezele ngokuthi abadlali bezwa ubuhlungu obufanayo nobuzwiwa abalandeli, wathembisa ngokuthi bazokwenza kangcono.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Lizodlala neKaizer Chiefs elaseGerman

Emizuzwini eyi-34 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-24°C Sunny. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...