Sezihubela sakusha ngamathikithi owamanqamu

2013-02-08 10:03

Johannesburg - Yize iBafana Bafana izobe ingadlali, kodwa kubukeka sengathi kothi kufika usuku lomdlalo wamanqamu e-Africa Cup of Nations amathikithi azobe esedayiswe wonke, kubika iKickOff.com.

UNobhala Jikelele we-CAF uHicham El Amrani useqinisekisile ukuthi sekusele amathikithi angaphezulu kancane nje kuka-10 000 kulo mdlalo ozobe uphakathi kweNigeria neBurkina Faso eSoccer City.

Khonamanjalo, abeStadium Management South Africa sebeqinisekise abathandi bebhola ukuthi inkundla yaseSoccer City izobe isezingeni elifunekayo.

Kube nokukhathazeka ngesimo senkundla kulandela ikhonsathi yeRed Hot Chilli Peppers ebe kule nkundla ngoMgqibelo, kodwa isikhulu uJacques Grobbelaar ucashunwe ethi yonke into izohamba ngokohlelo.

“Siyihlolile inkundla ngoLwesibili savulela nabezindaba. Singasho ngokungananazi ukuthi iyahambisana nemigomo yeFifa."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 19-30°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-21°C Showers late. Increasing cloudiness. Cool. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...