Sesingakhuluma-ke ngowomkhaya - Baxter
2012-12-05 07:39
Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uchaze imbangela yokuthi akhiphe uReneilwe Letsholonyane noSiphiwe Tshabalala ngesikhathi ezakhe zinqoba i-Ajax Cape Town ngoLwesibili ebusuku.
UBaxter ukwazile ukuhola ezakhe ekutheni ziwine ngomuhle u-3-0 ngesikhathi zitholana phezulu nama-Urban
Warriors ePolokwane, ngamagoli kaBernard Parker, Siboniso Gaxa noSiphiwe Tshabalala.
"Sesingakhuluma ngowomkhaya baseSoweto manje," kusho uBaxter ngemuva komdlalo.
"Kube yimpi enzima ngesikhathi sihlula i-Ajax ngenxa yokuthi ngesikhathi sifika la bekunemibhalo ebikhuluma ngomdlalo wezimbangi ezinkulu zaseSoweto," esho.
"Ngikhiphe u'Yeye' ngemuva kokuthi ethikamezeke kancane, u'Shabba' yena ngimkhiphele ukuthi udlala kahle kakhulu."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24