Sengikulungele ukuthi khumu - Keshi

2013-02-12 07:35

Johannesburg - Umqeqeshi webhola lezinyawo eNigeria uStephen Keshi utshele isiteshi somsakazo kuleli ukuthi wesule esikhundleni ngemuva kokunqoba i-2013 African Cup of Nations.

“Nginikeze umfelandawonye wezebhola lezinyawo incwadi yokusula kwami ngemuva nje kancane kokuthi sithathe isicoco, kodwa bengingakezwa lutho oluvela ngakubo," kusho uKeshi ekhuluma esiteshini seSABC.

UKeshi ubelokhu ezwakalisa ukuthi angase ashenxe ngesonto eledlule ngenxa yokungenami kwakhe ngempatho ayithola ezikhulwini zebhola eNigeria ngesikhathi kunesithangami sabezindaba eThekwini, ngaphambi kokuthi ezakhe zibhaxabule iMali.

Wathi "angaqoqa amasakana akhe ahambe" uma efuna.

UKeshi wayengukapteni weqembu ngesikhathi bewina lesi sicoco ngo-1994.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- Sapa - AFP

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-25°C Isolated tstorms. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 14-19°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-21°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild.
Dbn: 18-25°C Numerous showers. Afternoon clouds. Mild. PE: 17-20°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...