Sekuzolunga ngoBenni - De Sa

2012-12-10 14:02

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger de Sa ukholelwa ekutheni akusensuku zatshwala ukuthi umgadli waleli qembu, uBenni McCarthy, abuyele efomini aqale nokufaka amagoli adingekayo emjahweni weligi.

UMcCarthy, ongenele umgadli waseZambia uCollins Mbesuma ngesikhathi iPirates ibambana neKaizer Chiefs ngo 1-1 ngoMgqibelo, ubetshengisa ubunyonicho uma ebamba ibhola kodwa akakwazanga kufaka goli.

UDe Sa, iqembu lakhe elisasele emuva ngamaphuzu amathathu kuChiefs, utshele iKickOff.com ukuthi lo mdlali ohamba phambili ngamagoli kuBafana Bafana uya eba ngcono kanti uzodlala indima ebalulekile engxenyeni yesibili yesizini kuPirates.

“Ngijabule ngokuthi uMcCarthy wakhe amathuba amaningi okufaka amagoli, yize engene esiwombeni sesibili. Uyazimisela kanti kuyabonakala ukuthi uzimisele," esho.

“Ngaphandle kokwazi kwakhe ukuvalela enethini amagoli, unesipiliyoni esiningi. Uyilo mdlali okuthi uma kukhona yena enkundleni akhuthaze abanye abadlali.

“Kusobala vele ukuthi akekho efomini abekuyona ngaphambi kokulimala. Kodwa ngiyathemba ukuthi uzoba yile nto efunekayo kungekudala."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 17-30°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 15-29°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm. Bloem: 15-32°C Sunny. Warm.
Dbn: 20-23°C Showers late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-22°C Morning clouds. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...