Sekuphazamiseke isikwati seBafana

2012-11-12 10:00

Johannesburg - Abadlali ababili be-Orlando Pirates u-Oupa Manyisa noSiyabonga Sangweni sebehoxisiwe ekubeni yingxenye yeqembu lesizwe elizobhekana neZambia koweNelson Mandela Challenge ozoba seSoccer City ngoLwesithathu nozoqala ngo-20:00.

Umdlali wasemuva uSangweni akadlalanga ngesikhathi iqembu lakhe libhekene neFree State Stars ngoMgqibelo, kulandela ukukhala kwakhe ngedolo ngesikhathi bezilolonga, kanti uManyisa yena ikhishwe umdlalo ungakapheli ngenxa yokulimala.

Umqeqeshi weBafana Bafana uGordon Igesund usebize umdlali wasemuva weKaizer Chiefs, uSiboniso Gaxa, kanti akekho ozongena esikhundleni sikaManyisa ngoba umqeqeshi ukholelwa ukuthi unabadlali abaningi kule ndawo yakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-19°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 3-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-25°C Sunny. Mild. PE: 15-26°C Sunny. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...