Sekuhoxe ukaputeni weChippa
2012-11-02 10:32
Cape Town - Zibukeka zisekude ukuphela izinxushunxushu komakoti beligi iChippa United, ngemuva kokuthi umdlali wasemuva, uGift Sithole, esehoxile kwesokuba ngukaputeni weqembu.
I-United ibe sezindabeni kuleli sonto ngesikhathi iqoka umqeqeshi wesine kule sizini, ngemuva kokuxosha uRoger
Sikhakhane bafaka uFarouk Abrahams esikhaleni sakhe.
Abanye abaqeqeshi abake balunguza kuChilli Boys kule sizini ngoJulius Dube noManqoba Mngqithi, nabaxoshwa besadlale imidlalo emibili nje vo.
Ekhuluma nabeKickOff.com, uSithole ungene ezintangeni ngokuthi kungani eshiyile kulesi sikhundla, kodwa waqinisekisa ukuthi usezongenelwa nguVuyisile Ntombayithethi.
"Kuyiqiniso ukuthi angiseyena ukaputeni weChippa United," kusho uSithole. "Ngebhadi ngeke ngikwazi ukuveza isizathu zokuhoxa kwami. Ngizoqhubeka nokudlalela iqembu."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24