OweSSU uthi uzoba nzima umdlalo neWits

2012-10-26 12:01

Johannesburg - Umdlali wasemuva weSuperSport United uDavies Nkausu uthi iqembu lakhe lilindele umdlalo onzima neBidvest Wits, ngoMgqibelo.

IziTshudeni noma zingayiqalanga kahle isizini, zibonakale zibuyelwa yifomu, zinqoba imidlalo emithathu ilandelana, kamuva isanda kushaya iKaizer Chiefs, emdlalweni weTelkom Knockout.

UNkausu uthi ukuwina kweziTshudeni zishaya AmaKhosi, kwakona kukodwa kuzenza zibe neqholo.

“Njengamanje iWits, iyona ebukeka iqinile, kuyisebenzele ukushaya iChiefs, asisihambeli kahle izinto okwamanje, siyadinga ukuwunqoba umdlalo neWits.”

Lo mdlali waseZambia uphinde waphawula ngemidlalo ye-African Nations, izwe lakhe elingoshampeni liqhathwe neNigeria, Ethiopia neBurkina Faso.

“Alisekho manje iqembu ekungathiwa lintekenteke nekuthiwa liqine kakhulu kunamanye, sizodlala yonke imidlalo ngokuzimisela.”



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-21°C More sun than clouds. Mild. Pta: 11-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 15-28°C Morning clouds. Warm. PE: 13-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...