Owe-Arrows uncome unozinti behlula iBucs

2015-10-29 10:04

Johannesburg - Umqeqeshi weGolden Arrows uSerame Letsoaka uncome kakhulu ukudlala kukanozinti wezakhe uMaximilian Mbaeza ngesikhathi behlula i-Orlando Pirates emdlanweni weligi e-Orlando Stadium eGoli.

I-Arrows imangaze abaningi emkakheni webhola likanobhutshuzwayo ngesikhathi inenebula amaBhakabhaka ngamagoli amabili eqandeni.

Kulo mdlalo iBucs ayilibonanga elidlalayo ngesikhathi ihlulwa ngamagoli kaKadakwashe Mahachi noGladwiniShitolo ngoLwesithathu kusihlwa.

UMbaeva kulo mdlalo uhlabane nomklomelo wokuba umdlali ovelele ngemuva kokuvimba okusezingeni okwenze iBhakhaniya yabuya ilambatha kulo mdlalo.

OLUNYE UDABA: UTinkler uthi uphelelwe amazwi

ULetsoaka uthe:

"Siyajabula kakhulu ngokuthi sithole amaphuzu amathathu.

IBucs ibiwuphethe umdlalo, idlale kahle kakhulu kodwa uMbaeva uyena ubavimbile bangakwazi nokuthola negoli elilodwa kulo mdlalo.

Ngamathuba amancane esiwakhile sikwazile ukushaya amagoli amabili nokuyinto enhle kakhulu."

Lo mqeqeshi oke waba yiphini lomqeqeshi kwiBafana Bafana uthe iqembu lakhe lenze kahle kakhulu ukuthola amaphuzu aphelele ngesikhathi lidlala namaBhakabhaka ekuhambeni.

"Indlela ebesivala ngayo emuva bekusezingeni eliphezulu kakhulu.

Ngijabulile ukubona ukuzimisela okunjeya, kanti njengomqeqeshi kuyajabulisa ukubona abadlali bezinikela kanje nakuba bengaliphethe ibhola,"kuncoma uLetsoaka ngokubika kweKickOff

   - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

    - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 11-21°C Broken clouds. Mild.
Jhb: 9-19°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 6-23°C Sunny. Mild.
Dbn: 17-19°C Scattered showers. Partly cloudy. Cool. PE: 15-21°C Showers early. More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...