Owayeqeqesha iBafana ufuna uMaponyane axolise kuZongo

2015-07-13 17:30

Johannesburg – Owayengumqeqeshi weBafana Bafana uTed Dumitru usezwakalise ukungenami ngenkakha yomdlali webhola likanobutshuzwayo uMarks Maponyane osengumhlaziyi kumabonakude ngokugxeka kwakhe umdlali wePlatinum Stars uMasibusane Zongo.

Ngokubika kwSowetanlive uDumitru uthe uMaponyane usaqhubeka nokucindezela abadlali ngokuveza ikhono labo ngokuhlale njalo ebagxeka kunokuthi abakhuthaze bakhulise ikhono labo ekudlaleni lo mdlalo.

“UMaponyane kumele axolise ngokugxeka ngendlela engayikhombisi inhlonipho indlela abanye abadlali abadlala ngayo eNingizimu Afrika,” kusho lo mqeqeshi enkundleni yakhe yokuxhumana iFacebook.

OLUNYE UDABA:OweDikwena uchazekile ngoZongo noMakudubela

UZongo oneminyaka engu-25 ubudala uthole ukugxekwa okuyisimanga kuMaponyane ngokushaya izitayela nokujika kakhulu emdlalweni obungoMgqibelo obuseMoruleng Stadium womqhudelwano weMaize Triangle Challenge.

“Ithalente, lokujika nokutayela ebholeni likanobhutshuzwayo ligxekwa abantu abangenangqondo.”  

“Ningabanaki labo abaqhamuka sebengongoti bebhola kumabonakude- bayihlazo ebholeni lakuleli.

Kumele abadlali abanenkhono bakhombise ngemilingo abanayo ukuze bagqame futhi baziqhenye ngabakwenzayo,” kusho le nkakha yomqeqeshi.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

             - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IChiefs isisayinise uCastro

2017-12-16 18:01
Phawula kulolu daba
5 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Sunny. Cool. Pta: 18-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 17-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 15-28°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 20-26°C Heavy rain. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-19°C a few showers. More clouds than sun. Cool.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...