Owabe ekuBafana ugwetshelwe ukudayisa imidlalo
2013-02-12 16:16
Johannesburg- Owabe engumelekeleli wemenenja yeBafana Bafana uPhil Setshedi, ugwetswe iminyaka emithathu ethothoza ejele, kulandela ukulahlwa yicala lokudayisa umdlalo, kubika abezindaba zeKickOff.
USetshedi wake waba ngukaputeni we-Orlando Pirates, walahlwa yicala mhlaka-7 Disemba, ngemuva kokuvela kokuthi wazama ukuba nesandla emiphumeleni yokugcina yemidlalo yama-Play-Off eVodacom, ngo-2011.
Imidlalo yabe ibanjelwe eKapa.
Lesi sikhulu saboshwa ngoJuni ngo-2011, icala laqhubeka kwaze kwaba uNovemba.
USetshedi ulahlwe yicala ngaphansi kwesigaba-15 sePrevention and Combating of Corrupt Activities Act, Act 12 of 2004.
Okwamanje akukacaci noma uzosiphikisa yini isigwebo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24