Ningaliphonsi ithawula - Mbalula
2013-01-23 16:24
Johannesburg - UNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula, usecele abadlali beBafana
Bafana ukuthi bathokozise iNingizimu Afrika, bawine njengoba bezodlala ne-Angola.
La mazwe azobhekana nokwe-Africa Cup of Nations
(AFCON), ozobanjewa eThekwini ngoLwesithathu ebusuku (namhlanje).
"Enzani lokhu ekufanele nikwenze, dlalani ngamandla enu wonke, nakanjani nizonqoba. Nize lana ukuzolwela isithunzi sezwe. Kumele nizitshele ukuthi nizolwa okwangempela," kusho uMbalula.
UMbalula uvakashele iBafana, ehhotela ehleli kulo eThekwini, njengoba izodlala umdlalo wayo wesibili enkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida stadium.
Umdlalo wokuqala weBafana neCape Verde, waphela ngeqanda nhlangothi zombili.
"Ningaliphonsi ithawula, abanye abantu basebenza kangcono uma bengaphansi kwengcindezi. Kungase kwenzeke imilingo."
"Nibhekene nengcindezi, ibambeni isavele ngezimpondo. Ngenani enkundleni nizithokozise. Niwina noma Nihluleka, sinani njalo."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).