Ngizomphumuza uMajoro - Igesund

2013-01-25 12:01

Johannesburg - Umqeqeshi uGordon Igesund akazimisele ngokuhlela uLehlohonolo Majoro emdlalweni wokugcina kaGroup A uma iBafana Bafana isitholana phezulu neMorocco, ukuze alulame ngokugcwele kulandela ukulimala ngesikhathi ezakhe ziguqisa i-Angola ngo 2-0, kubika iKickOff.com.

Izindaba ezimnandi zithi uKagiso Dikgacoi noLerato Chabangu sebeluleme ngemuva kokuphuthwa ngumdlalo we-Angola ngenxa yokulimala.

U-Igesund umile kwelokuthi uzohlela la badlali kuphela uma esexhumene nodokotela ukuze azi ukuthi sithini isimo sezempilo.

"Ngizowuthola kusihlwa noma ngoMgqibelo umbiko ngoKagisho Dikgacoi noChabangu kanti ngethemba ukuthi kuzoba yizindaba ezinhle, hhayi ngoba ngifuna ukubafaka esikwatini kepha ngifuna ukukwazi ukuthi ngibe nabadlali abaningi engingakhetha kubo," esho.

"UMajoro, noma kungathiwa ukulungele ukudlala, angifuni ukuthatha amashansi ngaye ngoba angifuni aphinde alimale, nokungasibuyisela emuva."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usesayine kuPirates uQalinge

2014-07-30 16:00
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-20°C Sunny. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 10-27°C Sunny. Mild. PE: 14-24°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...