Ngizobuya - Pitso
2012-08-16 08:21
Johannesburg - Lowo obengumqeqeshi weBafana Bafana uPitso Mosimane, nolwisana nokuxoshwa kwakhe yiSafa, uthi uzobuyela ebholeni lakuleli "uma konke sekulungile", kubika iKickOff.com.
UMosimane waxoshwa esaqede iminyaka emibili kwemine yenkontileka yakhe ngemuva kwesigameko esasibukanisa nomhlaba ngesikhathi iBafana idlala ngokulingana ngo 1-1 ne-Ethiopia kuleli ngoJuni 3.
Kusukela axoshwa, uMosimane uyamaniswa neqembu laseSoweto
i-Orlando Pirates nalapho kubikwa khona ukuthi uzosebenza njengeTechnical Director.
UMosimane uthi nakanjani uzobuya kuthule umoya uma eselungise izinkinga anazo okwamanje.
"Ngizobuyela ebholeni lakuleli. Kungenzeka kungabi ngokushesha, kodwa ngiyathembisa ngokubuya," kubeka uMosimane.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24