Ngiyazwelana neMoroka Swallows - Jomo

2015-06-04 10:01

Johannesburg – Umnikazi weJomo Cosmos uJomo Sono uzwakalise ukuzwelana neqembu eligawulwe yizembe iMoroka Swallows ngemuva kokuyehlula ukuze ezakhe zibuyele esigabeni esiphezulu sebhola likanobhutshuzwayo.

EziMjomane zehlule iZinyoni ngegoli elilodwa eqandeni ngoLwesithathu kusihlwa eDobsonville Stadium ukuze zibuyele kwi-Absa Premiership ngemuva kweminyaka emithathu zigijima ehlathini.

USono uthe uzizwa kabuhlungu ngeSwallows ebinabalandeli abebeyeseka yonke le minyaka kusukela kuqala i-PSL.

OLUNYE UDABA: Ngiliphilile iphupho lami - Khune

“Ngifuna ukukhuluma iqiniso, ngihlukene kabili emoyeni wami.

Ngakolunye uhlangothi ngijabulile kanti kolunye ngiphatheke kabi ukuthi iMoroka Swallows isizodlala ehlathini,” kusho uSono ngemuva kwalo mdlalo ngokubika kweKickOff.

“Kubuhlungu ukubona iqembu elikhulu nelinomlando njengeSwallows libhekana nesimo sokuya ehlathini.

Akulula ngiyazi kodwa nginethemba lokuthi bazokwazi ukuvuka bazithathe babuye ngesizini elandelayo,” esho enanela ngokuthi isesihogweni esigameni sensational First Division.

       - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

        - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-15°C Sunny. Cool. Pta: 6-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-19°C Sunny. Mild. Bloem: -5-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-21°C Sunny. Cool. PE: 10-18°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...