Ngiyaziqhenya ngeBafana - Igesund
2013-01-28 07:32
Durban - USiyabonga Sangweni ufake igoli lesibili lokulinganisa leBafana Bafana sekusele amanenjane umdlalo uphele kowe-Africa Cup of Nations ngesikhathi idlala neMorocco ngo 2-2.
"Bekunzima kakhulu," kusho umqeqeshi weBafana uGordon Igesund.
"Senze ekusibekelwe kona, safeza isethembiso sokuqala. Sizoke sithi ukuphumula kancane ngemuva kwalokho sibheke umdlalo olandelayo.
"Ngiyaziqhenya kakhulu ngeqembu. INingizimu Afrika yonkana nayo ijabule."
U-Issam El Adoua ufake igoli lokuqala leMorocco ngomzuzu ka-10 umdlao uqalile, ngaphambi kokuthi uMay Mahlangu abuyisele izinduku.
Amagoli esibili afakwe ngu-Abdelilah Hafidi noSangweni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA