Ngiyambongela uMbesuma - De Sa

2012-11-16 12:01

Johannesburg - Umqeqeshi we-Orlando Pirates uRoger De Sa uthe umgadli waseZambia uCollins Mbesuma usevuna akutshalile manje ngenxa yokuthi ubesebenza ngokuzikhandla solokhu ajoyina amaBhakabhaka.

Igoli elihle likaMbesuma ngesiwombe sesibili yilo elibeke iZambia phambili emdlalweni weNelson Mandela Challenge ngesikhathi iguqisa iBafana Bafana ngoLwesithathu ebusuku.

Ekhuluma neKickOff.com, uDe Sa ubebonakala emehlweni ukuthi ujabulile ngoMbesuma, njengoba ethe uzodlala indima enkulu kakhulu ekusizeni iPirates ukuba ivikele isicoco sayo seligi kanjalo nasemjahweni weCAF Champions League.

"Ngesikhathi efika kuPirates, besikhathazekile ngokuthi usazokwazi yini ukudlala ngezinga elilindelekile, kodwa watshengisa ukuzimisela zisuka."

"Ngiyajabula ukuthi ukwazile ukufakela iZambia igoli, yize futhi ngidumele ngokuhlulwa kweBafana."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-21°C Scattered showers. More sun than clouds. Mild. Pta: 18-24°C Numerous showers. Mostly cloudy. Mild.
Jhb: 15-18°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 16-23°C Showery. Afternoon clouds. Mild.
Dbn: 19-28°C Showers late. Mostly cloudy. Warm. PE: 17-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...