Ngishiye iPirates ngizigqaja ngayo - Chansa
2012-06-27 12:05
Johannesburg - U-Isaac Chansa uthi akanawo umuzwa omubi ngokushiya i-Orlando Pirates njengoba eshiya ezigqaja, kusho umbiko weKickOff.com.
UChansa ngesonto eledlule ujoyine iqembu laseChina i-Henan Jianye ngesamba semali esingadalulwanga.
Lo mdlali wasesiswini waseZambia uthe ukucabangisise kahle ngasekuqaleni konyaka ukuthi uyayishiya iPirates.
"Ebengikufuna kakhulu ukubuyela e-Europe, kodwa akwenzekanga ngigcine sengiya eChina,” kusho uChansa.
"Bese ngifuna ukuhamba ngoba sengizuze okuningi ngikuPirates kula masizini amabili ngikuyona."
UChansa unqobe isicoco seligi iminyaka emibili ilandelana neqembu iPirates.
"Ngizolikhumbula kakhulu iqembu nomengameli walo futhi ngibonga iqembu nabalandeli,” kusho lo mdlali owanqoba i-2012 Africa Nations Cup.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24