Ngingayisiza iBafana - Inyanga
2013-01-21 08:34
East London - Inyanga yase-Eastern Cape, uReuben Matewu, uthi angayisiza iBafana Bafana ukuba inqobe imidlalo ku-Africa Cup of Nations (AFCON).
INingizimu Afrika idlale umdlalo ongenamagoli neCape Verde Islands eNational
Stadium ngoMgqibelo, nokunyuse ukukhathazeka ngokuthi bangase bakwazi ukufaka amagoli kule midlalo.
"Ngingayisiza iBafana Bafana mahhala uma ithanda, ngingaqala ngemidlalo emithathu," kusho uMatewu esiteshini somsakazo i-trufm, ngeSonto.
"Ngizobe sengiqala ngibabiza imali uma sebebona imiphumela emihle.
"Angifani nalaba abasebenzisa umuthi omubi. Ngisebenzisa amakhambi atholakala kalula kulona leli."
INkosi uMwelo Nonkonyana, noyisekela likamengameli weSA Football Association (SAFA) aphinde abe nguSihlalo wekomidi elihlela imidlalo ye-AFCON, uthe isiphakamiso sikaMatewu singase sibhekisiswe.
"Sihleli silindele noma ngabe yiluphi usizo olungenza iBafana yenze kangcono," kusho uNonkonyana.
USibonelo Madela, noyinyanga yasoLundi, KwaZulu-Natal, waqalekisa iBafana ngokuthi ngeke iwine ngoba iyamkweleta.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA