Ngilindele iCeltic eyehlukile - Sandilands
2012-11-28 10:03
Johannesburg - IMamelodi Sundowns neBloemfontein Celtic bazolwela indebe yeTelkom Knockout ngoMgqibelo, kanti uWayne Sandilands uthi ulindele ukubona iCeltic ehlukile kulo mdlalo ozobe useMoses Mabhida Stadium, kubika iKickOff.com.
Umdlalo uzoqala ngo-20:15.
"Singathatha okuhle emdlalweni edlule, kodwa emdlalweni wamanqamu, umlando awusebenzi kakhulu," kusho uSandilands ku-website yeSundowns.
"Iqembu elizodlala ngokuzimisela yilona elizoba sethubeni elihle lokuphakamisa indebe eThekwini."
ISundowns ishaye iCeltic ngo 1-0 koweligi eFree State Stadium ngeSonto, kodwa uSandilands umile kwelokuthi lowo mphumela ngeke uchaze lutho ngoMgqibelo ebusuku.
"Kungenzeka ukuba sabashaya koweligi eBloemfontein, kodwa kwabonakala ukuthi abanye abadlali babo ababalulekule babengadlali bebekelwe owamanqamu," kusho unozinti.
"Ngakho ngeke sithathe ngokuthi konke kuzohamba njengalowo mdlalo, ngakho ke kumele silindele iCeltic eyehlukile."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24