Ngilambele ithuba - Drogba

2013-02-12 14:02

Durban - UBongani Ndulula uselangazelela ukudlala okokuqala eqenjini lakhe elisha, AmaZulu, ngoLwesibili ebusuku uma sebebhekene neMaritzburg United kowomkhaya eMoses Mabhida Stadium.

Umqeqeshi woSuthu uCraig Rosslee useveze ukuthi uzonika abadlali bakhe abasha – okuhlanganisa uNdulula, uNjabulo Manqana kanye noJoseph Molangoane – ithuba namhlanje, kanti u‘Drogba,’ obenesikhathi esinzima kweziMnyama, nakanjani enethemba lokhu usezolithola ithuba lokudlala imidlalo eminingi.

“Okwamanje konke kuhamba kahle, kuyajwayeleka,” kusho uNdulula etshela iKickOff.com.

“Ngenhlanhla ukuthi bakhona abadlali angibaziyo lana, njengoNjabulo Manqana.

“Kanti futhi sengike ngasebenza nomqeqeshi ngesikhathi esacija i-Orlando Pirates, nokuyinto evele yenza kwaba lula ukuqonda ezinye zezinto azishoyo ejimini.

“Anginaso isiqiniseko sokuthi ngizodlala uma sesibhekene neMaritzburg United kodwa uma nginikwa ithuba ngikulungele ukudlala ngamandla ami wonke futhi ngiyethemba ukuthi sizonqoba,” ephetha.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers early. More sun than clouds. Cool. Pta: 8-20°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-13°C Mostly sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-13°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 12-21°C Showers early. More sun than clouds. Refreshingly cool. PE: 12-17°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...