Ngidinwe ngiyaveva - Neeskens

2012-09-03 12:04

Johannesburg - Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uJohan Neeskens uzwakalise ukunengeka kwakhe ngemuva kokuthi abalandeli beqembu lakhe bethe kumele ehle esikhundleni kulandela ukuthi ezakhe ziguqiswe yiMaritzburg United koweligi eLucas Moripe Stadium ngeSonto, kubika iKickOff.com.

ISundowns ishaywe ngo 2-1 nokudale ukuthi abalandeli bavuke umbhejazane bangena emhhumeni oholela ezindlini zokushintsha ngemuva kokuphela komdlalo, befuna lo mqeqeshi ashenxe.

Unogada kudingeke ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela kulandela lokhu kuhilizisana, nokuze kwadamba ngemuva kokufika kwamaphoyisa.

"Ngidinwe ngithelwa ngamanzi, bona la balandeli, abantu beqembu kanjalo nabadlali, kumele sonke sidlule kulokhu. Kumele sizame ukusebenzisana," kusho uNeeskens.

Abalandeli beSundowns bamemeze igama likaPitso Mosimane banxenxa nokuthi uPatrice Motsepe kumele aqashe lo obeqeqesha iBafana Bafana ukuze ezongena esikhaleni sikaNeeskens.

"Ayikho inkinga uma kuza omunye umqeqeshi, lokho kuzonqunywa yibhodi leqembu. Mina ngingathanda ukuqhubeka ngibhukule kuze kulunge," esho.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C High level clouds. Mild.
Jhb: 3-14°C Mostly sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...