Ngeke ube lula owethu neSwallows - Baxter

2012-11-19 12:04

Johannesburg - IKaizer Chiefs eqhwakele phezulu ohlwini lweligi kuzodingeka idlale ngokukhulu ukuzimisela uma isibhekene nezimbangi zayo zaseSoweto iMoroka Swallows koweligi ngoLwesibili, ngokusho komqeqeshi waMakhosi uStuart Baxter.

IChiefs izosingatha iziNyoni eFNB Stadium emdlalweni okuzobe kungowokuqala phakathi kwala maqembu kule sizini-- kanti uBaxter ukholelwa ukuthi iSwallows ingathwesa ezakhe ubunzima.

"Umdlalo onzima. Ngicabanga ukuthi iMoroka Swallows iyiqembu elihle elithembisayo, inabadlali abanohlonze," kusho uBaxter ngaphambi komdlalo wabo ozoba ngoLwesibili.

"Kwesinye isikhathi abadlali njengokulindelekile kodwa bayiqembu elithembisayo elingakwazi ukushaya kwasani kuPSL."

IChiefs izihambela yodwa njengoba emidlalweni eyishumi isanqobe eyisikhombisa futhi ayikahlulwa, kodwa uBaxter uthi ezakhe zisangenza kangcono kunalokhu.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-20°C Partly cloudy. Cool. Pta: 20-34°C More sun than clouds. Extremely hot.
Jhb: 18-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 19-26°C Scattered showers. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 22-25°C Heavy rain late. Partly sunny. Mild. PE: 17-25°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...