Ngeke siyithathe kancane iStars - Pirates

2013-02-19 14:04

Johannesburg - I-Orlando Pirates ithi ngeke ilenze iphutha lokuthatha kancane iPlatinum Stars, nengazwile kulezi zinsuku, njengoba ifuna ukuvikela isicoco sePremiership.

Umqeqeshi wamaBhakabhaka uRoger de Sa ukusho lokhu ngaphambi komdlalo wala maqembu ozoba se-Orlando Stadium ngoLwesithathu.

“Sesidlale imidlalo yeligi engu-11 ngaphandle kokuhlulwa kanti neqembu lingoshampeni besikhathi ngakho kumele sizethembe," kusho uDe Sa.

“Kodwa kumele siqaphele futhi silihloniphe leli qembu elizakhele ugazi kwabaningi ngokudlala kahle kule sizini."

La maqembu ahleli kunombolo 2 no-3 ngemuva kweKaizer Chiefs ohlwini lweligi.

“Umuzwa muhle kakhulu kubadlali kusukela ngosuku lokuqala ngafika lana," kuphetha uDe Sa.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-13°C Heavy rain. Mostly cloudy. Cool. Pta: 9-14°C Showery. Morning clouds. Cool.
Jhb: 6-10°C Passing showers. Broken clouds. Cool. Bloem: 0-10°C Heavy rain. Morning clouds. Cool.
Dbn: 12-19°C Showery. Partly sunny. Cool. PE: 11-19°C Heavy rain. Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...