Ngeke siyincenge iWits - Myeni

2012-11-23 07:41

Johannesburg - Umdlali we-Orlando Pirates uSifiso Myeni uthi ngeke babe nokuzwela uma ezakhe sezihlangana neqembu lakhe lakudala iBidvest Wits emdlalweni weligi e-Orlando Stadium ngoMgqibelo, kubika iKickOff.com.

UMyeni, Patrick Phungwayo, Roger De Sa, Eric Tinkler noLehlohonolo Masalesa bazobhekana neWits okokuqala ngqa kusukela bashiya leli qembu beya kuPirates.

AmaBhakabhaka abukeka enza kahle kakhulu njengoba efake amagoli ayisishiyagalombili emidlalweni emithathu yokugcina.

Kanti uMyeni uthwele ngeqoma ngendima ayidlalile empumulelweni yePirates ngamagoli akhe ayingcwenga.

"Kuzoba mnandi ukudlala neqembu lami lakudala, sithembisa ngokungalincengi kodwa. Akufihlwa ukuthi ngibunjwe yiWits ukuze ngibe yilo mdlali enginguye namhlanje."


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-30°C Tstorms late. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-25°C Showers late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 14-30°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-23°C Showers late. Mostly cloudy. Mild. PE: 15-19°C Showers early. Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...