Ngeke afike kuleli uBeyonce - Mbalula

2012-09-04 08:14
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umculi waseMelika uBeyonce ngeke asanandisa emcimbini wokuklomelisa ngezindondo woMnyango wezemiDlalo nokuNgcebeleka, kusho umbiko wakamuva ngoLwesibili.

UNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula uthe ngeke kube ngumqondo omuhle ukuletha lesi sihlabani ngenxa yokuthi kuzovele kudidiseke umcimbi, nokuhloswe ngawo ukuhlonipha abantu bakuleli abakwezemidlalo, ngokusho kombiko weThe Star.

"Yingakho singasaqhubekanga noBeyonce. Vele le ndaba yavusa umsindo omkhulu kuleli kanjalo namahemuhemu," kusho uMbalula.

Imali ekhokhelwa uBeyonce, nokwabikwa ukuthi ingu-R17 million ngehora, yayizokhokhwa ngaphambi komcimbi.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C High level clouds. Warm. Pta: 12-22°C More sun than clouds. Mild.
Jhb: 8-18°C Morning clouds. Mild. Bloem: 8-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-22°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-23°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...