'Ngangingaziphuphi ngidlala kweyeCAF - Teko

2015-02-25 18:27

Johannesburg - Umdlali weMamelodi Sundowns uTeko Modise uthi ujabule kakhulu ngokudlala kweyeCAF Champions League ngoba kumthathe isikhathi eside ukudlala kulo mqhudelwano.

AmaBrazilians awawuqalanga kahle lo mqhudelwano njengoba ebambane ngegoli elilodwa neSt Michel United emlenzeni wokuqala eSeychelles, kodwa anethemba lokuthi azodlulela phambili uma lamaqembu esebhekene futhi ngeSonto.

“Angikaze ngicabange ukuthi ngiyodlala kulo mqhudelwano ngoba kwakunzima ukunqoba isicoco seligi,” usho kanje kwiKICK OFF.

“Manje njengoba sengisinqobile eseligi neMamelodi Sundowns sengikulangazelele kakhulu ukudlala koweChampions League. Sengilangazelele ukubhekana nenselelo. Sengike ngadlala e-Afrika neBafana, kodwa kungenzeka ukuba akufani nokudlalela iqembu.”

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24). 

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 19-24°C Mostly sunny. Mild. Pta: 21-33°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 19-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm. Bloem: 18-29°C Drizzle. Morning clouds. Warm.
Dbn: 21-26°C Decreasing cloudiness. Mild. PE: 23-27°C Morning clouds. Warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...