Nabangalazi ibhola bagxeka iBafana - Zuma
2013-01-15 14:07
Johannesburg - Kunabantu abaningi abagxeka iqembu lesizwe iBafana Bafana, abanye babo abakaze balithinte nangobhozo ibhola noma badlale elikhokhelayo, kusho uMengameli Jacob Zuma ngoLwesibili.
"Baningi kakhulu abantu abagxekayo. Bengitshela iqembu nje ukuthi iningi labo alikaze lilidlale ibhola," kusho uZuma.
"Abazi ukuthi kunjani ukuba lana."
UZuma ubekhuluma emhlanganweni wangasese neqembu e-Orlando Stadium, eSoweto, ngaphambi kwemidlalo ye-African Cup of Nations (Afcon).
Ehamba noNgqongqoshe wezemiDlalo uFikile Mbalula, uZuma uthe abadlali bangaxhamazeli.
"Kumele silikhuthaze iqembu ekutheni lingangenwa ngamanzi emadolweni futhi bangabanaki labo abagxekayo, kepha badlale lokho abakwaziyo."
UZuma ube esecela ukuthinta indondo ye-Afcon, wanikezwa nejezi lebhola elinegama lakhe.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA