Masikhohlwe osekudlulile - Sangweni
2013-02-04 14:03
Johannesburg - USiyabonga Sangweni uthi iBafana Bafana kumele manje ikhohlwe ukulokhu izikhotha amanxeba ngokukhishwa kwayo ku-Africa Nations Cup kodwa iqale isebenzele ukufinyelela emidlalweni yeNdebe yoMhlaba ka-2014, kubika iKickOff.com.
IBafana iphume kulo mqhudelwano ngoMgqibelo ebusuku, ngemuva kokushaywa yiMali ngo 3-1 kuma-penalty.
USangweni, odlale kakhe kakhulu eqenjini leBafana kulo mqhudelwano, uthi manje bafuna ukuba izwe lakhele phezulu kwalesi sisekelo uma sekuqhubeka eyokuhlungelwa eyeNdebe yoMhlaba.
“Kudingeka sisebenze kanzima ukuze siye eBrazili ngo-2014 – sinomdlalo onzima esizowudlala e-Addis Ababa [Ethiopia] ngakho kuzomele sizilungiselele kahLe. Asithembe ukuthi sizokwenza kahle kweyokuhlungela eyomhlba,” ucashunwe ku-wesite ye-Orlando Pirates esho kanje.
U‘Ntsimbi’ uthe udumele ngokuhlulwa kuma-penalty, kodwa uchazekile yilokho akubonile kusukela emdlalweni wokuqala abawudlala ngokulingana neCape Verde.
“Akungabazeki ukuthi besifuna ukufinyelela kowamanqamu,” kuqhuba yena.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24