Manje sifuna iNedbank Cup – Klate

2011-12-12 08:58

Johannesburg – Umdlali we-Orlando Pirates, uDaine Klate, uthi leliqembu selibheke umqhudelwano weNedbank Cup emuva kokunqoba emdlalweni wamanqamu we-Telkom Knockout ngempelasonto, kubika iKickOff.com.

Lo mdlali ufake igoli lesibili ngesikhathi iPirates ishaya iBidvest Wits eMoses Mabhida Stadium eThekwini, futhi, wathi emuva komdlalo: “Beku usuku oluhle ngoba besiqala ukunqoba lo mqhudelwano.

"Nanga phambi ko mdlalo, izinga lomdlalo wethu useyakhuphuka. Manje Sizodlalela iligi neNedbank Cup.

"Abalandeli bethu basisizile, futhi siyajabula njalo masidlala eThekwini. Abalandeli bethu baseThekwini bangcono kunabalandeli baseGoli…

"Sinenhlanhla eThekwini ngoba sidlala kahle njalo masidlala khona."

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-17°C Showers late. More sun than clouds. Mild. Pta: 6-24°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-19°C Sunny. Mild. Bloem: 0-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 16-28°C Sunny. Warm. PE: 14-20°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...