Mababhekisiswe unompempe bakuleli - Baxter

2012-12-10 12:04
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Umqeqeshi weKaizer Chiefs uStuart Baxter uthi kumele kusolwe onompempe ngakho konke okwenzeke ngesikhathi kuhlangene izinkunzi zaseSoweto ngempelasonto, kubika iKickOff.com.

Unompempe wePremier Soccer League uRobert Smith usethole ukugxekwa ngendlela abedlalisa ngayo ngesikhathi kutholana phezulu iChiefs nezimbangi zayo ezinkulu i-Orlando Pirates eFNB Stadium ngoMgqibelo.

UBaxter uthi: “Ukube sihluliwe bengizozithulela kodwa iqiniso lihle nje, kumele kwenziwe okuthile ngonompempe be-PSL.

“Uma umdlali edlale kabi siyamtshela sitshele nabezindaba, ngakho kumele senze okufanayo nangonompempe. Ngiyazi ukuthi ukudlalisa kunzima uma kuyimidlalo efana nowomkhaya kodwa kumele sikhulume ngokuthuthukisa umdlalo wakuleli," esho.

“Ngiyathemba ukuthi ngeke bajeziswe abadlali bami ngenxa yokukhuluma kwami."



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 13-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...