Lusalude ukhalo - Mosimane

2013-02-18 12:02
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Nakuba ngempelasonto bedlale umdlalo wesithupha bengahlulwa, umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane ukholelwa ukuthi iqembu lakhe iseyinde indlela okusamele liyihambe ukuze lizibone lidlala ibhola eliphezulu kwi-Premiership.

"Siya ngokwenza kangcono umdlalo nomdlalo, ngake ngasho nasekuqaleni,” kusho uMosimane.

"Angikenzi kahle okwamanje, kukhona la kusasele khona, kodwa eqenjini lami akekho ozihambelayo nje, wonke umuntu uyagijima.”

AmaBrazilians anyukele endaweni yesishiyagalombili kwiligi ngoLwesihlanu, ngesikhathi ezidlulela kalula nje kwi-Maritzburg United ePort Elizabeth.

UMosimane uthe iqembu lakhe kuzomele liqhubeke nokudlala kahle uma selibhekene neGolden Arrows ePitoli ngoLwesibili.

I-Arrows yanqoba iSundowns ngo 1-0 ngesikhathi bebhekene koweligi ngoSepthemba 2013, iqembu lisaqeqeshwa nguJohan Neeskens.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-21°C High level clouds. Mild. Pta: 8-22°C Sunny. Mild.
Jhb: 5-17°C Sunny. Mild. Bloem: 4-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 14-23°C Morning clouds. Mild. PE: 11-23°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...