Liya ngokuqina iqembu - Mbesuma

2012-12-27 12:35

Johannesburg - Umgadli we-Orlando Pirates uCollins Mbesuma ubona ukuthi iZambia iya ngokuba nzima futhi amathuba okuphumelela i-Africa Cup of Nations mahle kakhulu, kubika KickOff.com.

"Unyaka nonyaka sithola isipiliyoni,” kusho uMbesuma etshela iThe Times of Zambia.

"IZambia iya ngokuba nzima njalo. Thina njengabadlali siyakhula kanti amathuba okuvikela isicoco mahle.

"Ukuzwana eqenjini yikho okwenza siphumelele."

Iqembu labadlali abakhethwe ukuba bazodlala emidlalweni ka-2013 alihlukile kakhulu kunalelo eladla umhlanganiso ngo-2012.

UMbesuma kanye nabanye beqembu lakhe bazinze eGoli, bazilungiselela umqhudelwano ozoqala ngoJanuwari 19.

IZambia iku-Group C kanti izodlala ne-Ethiopia, Nigeria neBurkina Faso ngoJanuwari 21, 25 no-29 ngokulandelana.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IZinyoni zifake iChiefs amabhuleki

Emizuzwini eyi-50 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...