Lilengela eweni ikusasa likaTeko

2013-02-26 12:02

Johannesburg - Ikusasa likaTeko Modise lilengela eweni kuMamelodi Sundowns njengoba kunamahemuhemu athi angase asale enqoleni yabazowelela esizinini elandelayo.

Lo mdlali wasesiswini akazange ayivuselele inkontileka yakhe ngemuva kokuhlangana nezikhulu zeqembu.

Abazithamundayo bapotshozele iKickOff.com ukuthi isizathu salokhu yingoba abaphathi bahlukene phakathi ngekusasa likaModise kuleli qembu.

“Ekuqaleni abaphathi bavumelana ngokuthi bamgcine uModise kepha izinto zashintsha ngesikhathi iSundowns iphakamisa ukuthi kubuyekezwe inkontileka yakhe.

“Le nto iyamkhathaza lo mdlali kanti ngezinye zezizathu ezenza ukuthi abuye eZimbabwe ngesikhathi iqembu lihambele khona,” kusho umthombo.

UModise, inkontileka yakhe ephela ngoJuni, ungomunye wabayikha ngamafosholo imali kule kilabhu, kodwa akaze anqobe sicoco neqembu solokhu alijoyina eminyakeni emithathu eyedlule.

Omele uModise uJazzman Mahlakgane uthe akakahlangani nezikhulu zeSundowns ngenxa yokuthi usanesimo esiphuthumayo abhekene naso ekhaya.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

IDikwena yiyo ethwelwe ngeqoma - Igesund

Emizuzwini eyi-50 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C High level clouds. Mild. Pta: 18-29°C a few showers. More sun than clouds. Warm.
Jhb: 14-24°C Showers late. Afternoon clouds. Mild. Bloem: 14-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-23°C Sprinkles late. More clouds than sun. Mild. PE: 14-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...