Lihoxile elokushaywa kwebhasi ebithwele abadlali

2012-11-15 16:28

Johannesburg - Angeke lize lithethwe icala lokushaya ngamatshe ibhasi ebelithwele abadlali beqembu lesizwe eZambia, nebelithweswe abafanyana ababili, baseSoweto, kusho amaphoyisa.

"Abafanyana bavele ngaphambi kweNkantolo yeMantshi eGoli ngoLwesine ntambama, icala lihoxisiwe,” kusho okhululmela amaphoyisa uBrigadier Neville Malila.

"Izingane zihanjisiwe ziyolulekwa, abashushisi bahoxise icala.”

Ukuphawula okuqhamuka kwabe National Prosecuting Authority, bekungakatholakali, uMalila uthe uphenyo luzoqhubeka.

Abafanyana abaneminyaka engu-12 no-13, baboshwe ngoLwesithathu ebusuku, ngemuva kwezinsolo ezithi bajikijele ngamatshe ibhasi ebelithwele abadlali beZambia, ngemuva kokushaya kwabo iBafana Bafana ngo 1-0.

Kulokhu kushaywa kwebhasi, kulimale unozinti uKennedy Mweene, ophinda avimbele iFree State Stars, yakuleli.
 




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-18°C Morning clouds. Mild. Pta: 4-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-16°C Sunny. Cool. Bloem: -2-17°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-21°C More sun than clouds. Cool. PE: 11-17°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...