Ligqashukile elikaPalmgren noSuthu

2012-11-26 14:02

Durban - Izinyawo sezigcwale udaka kuRoger Palmgren ongumqeqeshi waMaZulu, kusho iqembu ngoMsombuluko.

UPalmgren usebe ngomunye wabaqeqeshi abahlanganisa uMaarten Stekelenberg (Ajax Cape Town), Roger Sikhakane noManqoba Mngqithi (bobabili beChippa United), uMuhsin Ertugral (Golden Arrows), Augusto Palacios (Orlando Pirates) noRoger de Sa  weBidvest Wits, bonke abaxoshwe kuyo le sizini.

Lo mqeqeshi odabuka eSweden uthathe izintambo kusukela ngonyaka owedlule, uSuthu namanje lusemsileni phezu kokuthi seludlale imidlalo engu-12.

“Sihlangane nomqeqeshi ekuseni samazisa ukuthi umsebenzi uphelile. Sibe sesazisa abadlali nalo lonke elinye ithimba ngalokhu okwenzekile," kusho imenenja eqenjini uPeter O'Connor.

Isekela lomqeqeshi uFani Madida nguye ozobamba izintambo okwamanje.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-25°C Numerous showers. High level clouds. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...