Lifezekile iphupho lami - Pistorius
2012-08-06 07:33
London - Umsubathi wakuleli onemilenze emibili yokufakelwa u-Oscar Pistorius ukhale ngaphansi kowokuhlungelwa owamanqamu kowama-Olympic Games ukugijima u-400m.
Lo msubathi, 25, ngoMgqibelo ube ngowokuqala ngqa ukuba agijime nabantu abangenakukhubazeka kuma-Olympics, kodwa akakwazanga ukuphumelela ngokugcwele njengoba ebe semsileni ngo-46.54sec.
UPistorius uthi akaphoxekile neze ngokuphuma kulo mqhudelwano.
"Ukuba yingxenye yawo nje kuyinto engeke ngakwazi ukuyichaza," kusho uPistorius.
"Inhloso yami vele bengifuna ukufinyelela kuma-semi-final. Lifezekile iphupho lami. Ngibonga kuwona wonke umuntu ongesekile. Ngisazogijima futhi ezinsukwini."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- AFP