Kuzosiphuka izidindi kowePirates ne-United

2013-02-13 12:01

Johannesburg - Kuzosiphuka izidindi kuqhume nhlamvana ezinye zifekethe uma sekutholana phezulu i-Orlando Pirates neSuperSport United, emdlalweni we-Absa Premiership, ngoLwesithathu ebusuku.

Umqeqeshi wezikaMagebhula uRoger de Sa uthi umgadli odabuka eZambia, uCollins Mbesuma ubuyile futhi akanankinga yokudlala, wathi uBenni McCarthy, Ndumiso Mabena, Takesure Chinyama noThulasizwe Mbuyane nabo sebeluleme.

Iphephandaba iSowetan libike lathi kungokuqala ngqa selokhu u-RDS ajoyina iBhakabhaka, enabagadli bakhe bonke besesimeni esifanele sokudlala.

"Akukaze kwenzeke lokhu selokhu ngajoyina iqembu, ngizokhetha ngendlela engithanda ngayo futhi nginamathemba okuthi bonke abazokhethwa bazodlala ngokuzimisela," kusho uRDS.

Khonamanjalo umqeqeshi we-United, uHunt uthi ukushintsha uMabhuti Khenyeza ngoBradley Grobler we-Ajax Cape Town, bekubalulekile, wathi uKhenyeza ubeyinkathazo kakhulu kunokuthi abe wusizo.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kuklonyeliswe abeChiefs kwabavelele

Emizuzwini eyi-27 edlule
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C Sunny. Mild. Pta: 16-29°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C More sun than clouds. Mild. Bloem: 13-28°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-22°C Morning clouds. Cool. PE: 15-21°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...