Kuzophepha nge-Afcon - Amaphoyisa

2012-11-27 16:34

Pretoria- Amaphoyisa azotshalwa agade wonke amaqembu angu-16 azokuba yingxenye yemidlalo ye-2013 Africa Cup of Nations, ezobanjwelwa kuleli laseNingizimu Afrika, kusho abagqugquzeli ngoLwesibili.

Kuvela lokhu nje kusanda kuhlaselwa ibhasi labadlali beqembu lesizwe eZambia, ngesikhathi bezodlala udlalo wesihle kuleli, ibhasi lajikijelwa ngamatshe lishaywa ngabafanyana abancane.

"Ngemuva kwesehlakalo sakamuva, kuzoqiniswa kakhulu ezokuphepha. Amaqembu azogadwa ubusuku nemini,” kusho iPhini likaKhomishana wamaPhoyisa uMaggie Sotyu, etshela abezindaba ePitoli.

"Amabhasi azothutha abadlali nawo azophelezelwa ngamaphoyisa."

Ekuhlaselweni kwebhasi yaseZambia, kwalimala kancane unozinti uKennedy Mweene.

"Asikaze sicabange ukuthi kungahlaselwa ibhasi, yingakho abadlali babengaphezelwa ngamaphoyisa,” kusho uSotyu.

Inkundla iSoccer City, kuzodlalelwa kuyo umdlalo wokuvula nowokuvala, kanjengoba kwenzeka emdlalweni wendebe yomhlaba ngo-2010.
 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 15-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...