Kuzomele siyiqaphele iDikwena - OweBucs

2015-04-08 09:54

Johannesburg – Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Eric Tinkler uthe abadlali bakhe kuzomele baqaphele kakhulu uma sebedlala nePlatinum Stars kowe-Absa Premiership.

AmaBhakabhaka azobhekana neDikwena ngoLwesithathu kusihlwa ngemuva kokunqoba emdlalweni weCAF e-Uganda ngempelasonto.

IBucs ayikaze ihlulwe emidlalweni yePSL kulo nyaka kanti uTinkler uthe nakuba benza kahle kulo nyaka kubalulekile ukuthi bangayithathi kalula iDikwena ikakhulukazi njengoba kusanda kubuya umqeqeshi wayo wakudala uCavin Johnson.  

OLUNYE UDABA: IBucs ifuna ukwandisa imidlalo ingahlulwa

“Kubalulekile ukuthi sizimisele kakhulu kulo mdlalo njengoba nakanjani kumele siwunqobe,” uTinkler etshela iKickOff.

“Siyawadinga kakhulu la maphuzu ngoba sifuna ukuba sendaweni enhle kwiligi ukuze sikwazi ukuqhudelana koweCAF Champions League ngesizini ezayo.

“Beza kulo mdlalo benomfutho ophezulu ngemuva kokubuya komqeqeshi wabo.”

Kungenzeka umdlali uTshepo Gumede owathengwa yiBucs kwiDikwena abonakale kulo mdlalo njengoba uSiyabonga Sangweni esalimele.

        - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

            - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-19°C Sunny. Mild. Pta: 16-27°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 14-23°C Rain early. Morning clouds. Mild. Bloem: 12-27°C Rain late. More sun than clouds. Warm.
Dbn: 16-25°C More sun than clouds. Mild. PE: 13-22°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...