Kuzolunga noma engekho uMphela- Mwanjali
2012-04-17 12:32
Johannesburg - Umdlali wasemuva weMamelodi Sundowns, uMethod Mwanjali, uthi uyathemba ukuthi bazodlala kahle noma ezobe engekho umshayi magoli uKatlego Mphela, ongeke adlale uma bebhekana nePlatinum Stars, e-Atteridgeville, ngoLwesithathu.
AmaBrazillians abambene ne-Orlando Pirates, esicongweni ngamaphoyinti angu-46.
UMphela, walimala ngempelasonto emdlalweni weNdebe yeNedbank.
"Sihlome ngokuphelele," kusho uMwanjali.
"Okwamanje uMphela ulimele kodwa baningi abadlali abanye abakhona abakwaziyo ukudlala."
UMwanjali, uthi umqeqeshi weDowns uJohan Neeskens, unohlelo enza ngalo ukunqoba imidlalo.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo
ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).