Kuzojwayeleka ngokuhamba kwesikhathi - Mokoena
2012-07-20 14:04
Johannesburg - Lowo owayengukaputeni weBafana Bafana u-Aaron Mokoena usevumile ukuthi uzodinga isikhathi sokuthi ajwayele ukudlala kuPSL kuleli emuva kokudlala phesheya iminyaka engu-14.
Lo mdlali, 32, wadlala imidlalo eyishumi kuphela kuJomo
Cosmos ngo-1998 nokuyisona kuphela isikhathi asidlala kuPremier Soccer League ngaphambi kokuya eNetherlands, eBelgium naseNgilandi.
UMokoena ungomunye weziqongqwane zabadlali ezisayiniswe yiWits, kanti uzobonakala okokuqala egqoke ijezi laleli qembu ngoMgqibelo emdlalweni owandulela isizini weGauteng Cup e-Atteridgeville.
"Ngadlala imidlalo eyishumi kuphela kuPSL, kodwa ngizojwayela," kusho lo mdlali odume ngelikaMbazo ngoLwesihlanu.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA