Kuzohlangana izinkunzi ezinamanxeba eDobsonville
2013-02-25 14:03
Johannesburg - Njengoba i-Orlando Pirates kanye neMoroka Swallows kungamanye amaqembu akhishiwe kowendebe yeNedbank, kuhleli obala ukuthi umdlalo wangoLwesibili wawo womabili la maqembu, kuzobe kufana nokuthi kuqhathwe izinkunzi ezilimele, kubika iSowetan.
Lo mdlalo ozobanjelwa enkundleni yezemidlalo iDobsonville, ngo-19:30 ,ulundelwe ngamehlo abomvu.
Yize amaqembu esekishiwe koweNedbank, akuphelile njengoba kusalwelwa iligi.
IPirates ithelwe ngehlazo yiMaluti FET College, eyishaye ngamane kwelilodwa, emdlalweni obanjelwe eCharles Mopeli Stadium, ngoMgqibelo.
Umkhulumeli wePirates uMickey Modisane obethukuthele uthe:
"Umdlalo ubeke obala ukuthi kuningi ekusamele kubhekisiswe eqenjini. Kumele kucace ukuthi laba ngabe yilo yini uhlobo lwabadlali abadingwa yiqembu, noma kumele kube khona okwenzekayo.
"Sisakulindele ukuthi abalandeli baqhubeke nokuseseka, bakuqonde ukuthi izinto ezifuze lezi ziyenzeka ebholeni, kumele nathi siphinde sizibone ukuthi simandla kuphi sibuthaka kuphi."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24