Kuzobhekana ezaseTshwane kowamanqamu eNedbank
2012-05-07 07:15
Johannesburg - ISuperSport United iguqise amaZulu ngo 3-0 emdlalweni owandulela owamanqamu weNedbank Cup, nokuchaze ukuthi kuzobe kubhekene ezaseTshwane kowamanqamu, kubika iKickOff.com.
Amagoli afakwe nguThabiso Nkoana, Kermit Erasmus noSibusiso Zuma.
Amatsatsantsa azotholana phezulu neMamelodi Sundowns, neshaye iFree State Stars ngeSonto.
Umqeqeshi we-United uGavin Hunt ufake abadlali abasha abayisikhombisa kuleli qembu elagcina ukudlala ne-Orlando Pirates.
Lo mdlalo bekubukeka ongowamaZulu ngesikhathi usaqala, kodwa i-United yakwazi ukuphendula amatafula.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24