Kushubile manje kuPSL - Manyisa

2012-10-30 10:34

Johannesburg - Umdlali we-Orlando Pirates, u-Oupa Manyisa uthi uma iqembu lakhe lifuna ukuvikela isicoco salo akumele liphunyukwe amaphuzu uma lidlala ekhaya, kusho umbiko weKickOff.com.

AmaBhakabhaka adlale aze abukana naMaZulu e-Orland Stadium ngempelasonto, kanti alele isithathu ohlwini lweligi ngamaphuzu amane ngemuva kweKaizer Chiefs.

UManyisa uthi impela kunzima kuyena nadlala nabo eqenjini kule sizini.

"Umzuliswano wokuqala usuya ngasekupheleni kanti manje zonke zidlana imilala," kusho uManyisa ku-website yeqembu.

"Uma sidlale ngokulingana kuyafana nokuthi sihluliwe, uma besidlala ekhaya."

Uthi kumele banyuse amasokisi uma bengafuni ukuphunyukwa yisicoco sabo.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-18°C High level clouds. Mild. Pta: 2-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-16°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 0-19°C Morning clouds. Mild.
Dbn: 7-22°C Sunny. Mild. PE: 11-18°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...